Description
ZUL2606 Portfolio (Ukuhlolwa ngePhothifoliyo) Semester 1 (ISIMESTA YOKU-1) | Due May 2025. All questions answered. Phendula yonke imibuzo ngokulandelana kwayo ungayixovi. Kulindeleke ukuthi uphendule yonke imibuzo ngolimi lwesiZulu ngoba le-mojuli eyolimi lwesiZulu. UMBUZO 1 a) Nikeza izinhlobo zezinganekwane bese uzichaza kafushane. (15) b) Nikeza izinhlobo zemibhalo yabantwana bese uyichaza kafushane. (25) UMBUZO 2 Funda inkondlo engezansi bese uphendula umbuzo olandelayo ngokugcwele. Maluju! Saphela isizwe! Nans’intululwane yempi yamagabha, Iyaviva iyaviliyela, ivuth’ingabaselwe; Ayibuzi, igadl’ibek’ emnyameni, Ilahla phans’indoda, ilahla phans’ umfazi, Ilahla phansi’ibhungu, ilahla phans’ intombi. Uyadel’ uMakhasana, zindala zombili! Ngapha kuw’ indoda kuw’ umfazi, Ngale kuw’ igabha kuvuk’igabha; Izinkubela zelakanyana nxazombili; Babodw’ asebemadol’ ayathezisana, Babodw’ asebephangalele, Njengawo amagabh’ aselele. a) Yiluphi uhlobo lwenkondlo ebhalwe ngenhla? Sekela impendulo yakho (5) b) Chaza umehluko okhona phakathi kwemvumelwano nokuxhumana, bese uveza lokhuokulandelayo: o imvumelwano siqalo (5) o imvumelwano maphakathi (5) o imvumelwano sigcino (5) o ukuxhumana siqalo (5) UMBUZO 3 a) Nikeza izinhlobo zemidlalo bese uzichaza kafushane bese unikeza nezibonelo ozaziyo zohlobo lomdlalo ngamunye. (25) b) Balula izimpawu zesakhiwo somdlalo. (5) c) Imuphi umehluko phakathi kwesifaniso nesingathekiso? (5) ISAMBA: 100
Reviews
There are no reviews yet.