Description
ZUL2605 Portfolio (Ukuhlolwa ngePhothifoliyo) Semester 1 (ISIMESTA YOKU-1) | Due May 2025. Imiyalelo: Phendula yonke imibuzo ngokulandelana kwayo ungayixovi. Kulindeleke ukuthi uphendule yonke imibuzo ngolimi lwesiZulu ngoba le-mojuli eyolimi lwesiZulu. UMBUZO 1 a) Nikeza izinhlobo zezinganekwane bese uzichaza kafushane. (15) b) Nikeza izinhlobo zemibhalo yabantwana bese uyichaza kafushane. (15) UMBUZO 2 Funda inkondlo engezansi bese uphendula umbuzo olandelayo ngokugcwele. Usuku olungayikukhohlakala Kuwen’ omdala nomncane, Wen’ owabonayo, wen’ owezwayo, Uyokhohlwa? Phinde! Iphelile itsha emnyama, Balel’ abaholi bakusasa, Uyolibala? Phinde! Ngumlando kuwe M’Afrika, Yinxeba elijule ezibilini, Lingavaleka? Phinde! Sizwe esiMnyama, Bhekisani kuMvelinqangi, Salabelwa nguye lelidlelo, Namuhl’ asisenakuklaba kulo. [Jotham Myaka, 1980) a) Ngabe le nkondlo ikhuluma ngani? Sekela impendulo yakho ngokuchaphuna enkondlweni. (15) UMBUZO 3 a) Nikeza izinhlobo zemidlalo bese uzichaza kafushane bese unikeza nezibonelo ozaziyo zohlobo lomdlalo ngamunye. (20) UMBUZO 4 a) Chaza yini ifa? (5) b) Ngokwenoveli esihloko sithi ‘Ifa ngukufa’, yiziphi izingqinamba umlingiswa osemqoka abhekana nazo ngenxa yefa/amafa okukhulunywa ngawo enovelini. (10) UMBUZO 5 a) Phawula ngomehluko phakathi kwezaga nezisho. Nikeza izibonelo ukusekela ukuphawula kwakho. (10) b) Phawula ngomehluko phakathi kwenoveli kanye nomdlalo (idrama). (10) ISAMBA: 100
Reviews
There are no reviews yet.