Description
AFL1502 Assignment 11 Semester 1 | Due 27 March 2025. All questions answered. UMBUZO 1
Chaza ukuthi buyini ‘Ubuntu’ bese unikeza izibonelo ezifanele ezikhombisa Ubuntu. /10/
UMBUZO 2
UTHINGO LWENKOSAZANA
Ahoshe kancane umkhonto ohlonywe ezintungweni kuzwakale kuthi hl-hl ngenkathi ukudla kwawo kugudlana nekhwani elifulele. Asondele kuMzwakhe(1). Awukhokhe. “Nguwena lona! Konke lokhu kuhlupheka kwami(1) kungenxa yakho(1). Kade ngilala ezigangeni, ngicelana nokudla, ngiyisikhonzi, ngenxa yakho noyihlo. Izwe lonke(1) lingifulathele yonke le minyaka. Ngize ngabuya nje ekuzuleni ngoba ngingemukeleki ndawo. Yikho ngize ngazenza uhlanya nje ngoba uma ngithi ngiphila njengabantu bonke ngizokwenelwa yijozi. “Noma sekunjalo ubusangizingela lo mthakathi(3)!” Asho amkhwife ngamathe uMzwakhe. UMkhonto uyaveva ngaphezu kwesiguli. Sona(2) asithi nyaka.
DBZ Ntuli Uthingo lwenkosazana
Phendula imibuzo elandelayo uyibhekise esiqeshini esingenhla:
2.1 Emagameni alandelayo kunemisindo ebhalwe ngokugqamile shono ukuthi leyo misindo iphinyiswa kuphi. (8)
(a) ubusangizingela
(b) Umkhonto
(c) ohlonywe
(d) Amkhwife
2.2 Shono ukuthi igama elithi ‘uMzwakhe’ likusiphi isigaba samabizo bese unikeza nesiqalo salo. (2)
2.3 Chaza inguquko yomsindo eyenzeke emagameni adwetshelwe esiqeshini bese uyasho ukuthi nhloboni yenguquko. (6)
2.4 Amagama aphawulwe ngo- 1 azingcezu zini zenkulumo? (4)
/20/
UMBUZO 3
3.1 (i) Tomula igama elingumenziwa emshweni odwetshelwe esiqeshini kanye nesivumelwano salo. (2)
(ii) Shono ukuthi igama olitomule ngenhla likusiphi isigaba unikeze nesiqalo salo. (2)
3.2 (i) Nikeza izibonelo zesabizwana sokukhomba ezintathu ezivela esiqeshini esingenha. (3)
(ii) Tomula igama eliyisandiso sendawo bese ukhipha isijobelelo salo. (2)
3.3 Tomula amagama amathathu asetshenziswe njengesibanjalo esiqeshini esingenhla. (3)
3.4 (i) Igama eliphawulwe ngo-3 liyinhloboni yebizo, uchaze nokuthi lakhiwe kanjani. (2)
(ii) Shono ukuthi la mabizo akuziphi izigaba; ukudla, ikhwani, isikhonzi, iminyaka. (4)
(iii) Nikeza amagama amabili asebenze njengesilandiso esiqeshini esingenhla. (2)
/20/
ISAMBA: [50X1 = 50]
Reviews
There are no reviews yet.